Back to UKrestu Esihlabelelweni List UKrestu Esihlabelelweni #77

Hymn 77 Ngi Thanda Ukulanda Indaba

[V1]
I mnandi, O! i mnandi,
Indaba yezulu,
Nayo yothando lwAkhe,
Ku mnandi ukuyisho;
I nomusa nothando,
Yona yeqiniso,
I suthis’ ukufisa,
Yodwa nje kuphela.

[C]
Ku mnand’ ukuyilanda;
Ngohuba naphezulu,
NgoJesu nobukosi,
Nothando nomusa.

[V2]
I mnandi O! i mnandi,
Iyamangalisa,
I dlula namaphupho,
Indaba yothando;
Ku mnand’ ukuyilanda,
Yangisiza mina,
Ngako ngi yayilanda,
Indaba yothando.

[C]
Ku mnand’ ukuyilanda;
Ngohuba naphezulu,
NgoJesu nobukosi,
Nothando nomusa.

[V3]
I mnandi O! i mnandi,
Ngi yiphinda njalo,
Nangokuphindwa kwayo,
Bu yand’ ubumnandi;
Ku mnand’ ukuxoxela,
Abangayaziyo,
Lendaba yensindiso,
Ekuyo iM’bhalo.

[C]
Ku mnand’ ukuyilanda;
Ngohuba naphezulu,
NgoJesu nobukosi,
Nothando nomusa.

[V4]
I mnandi O! i mnandi,
Kakhulu kithina,
Ngi yilambele nami,
Ngenhliziyo yami,
Ngohuba ezulwini,
Yon’ ingoma entsha,
Indaba yon’ endala,
Indaba yakade.

[C]
Ku mnand’ ukuyilanda;
Ngohuba naphezulu,
NgoJesu nobukosi,
Nothando nomusa.

77. Ngi Thanda Ukulanda Indaba

Link copied to clipboard successfully!