Back to UKrestu Esihlabelelweni List UKrestu Esihlabelelweni #85

Hymn 85 Ngi Babaz’ Amandl’ eNkosi!

[V1]
Ngi babaz’ amandl’ eNkosi A dal’ izintaba;
Nal’ ulwandle alweneka, Nesibhakabhaka;
Ngi babaza leyongqondo, Nelanga yalenza,
Nenyang’ ebus’ ebusuku, Yebo, nenkanyezi!

[V2]
Ngi babaz’ umusa waYo, O si pha ukudla;
Ya dala ngelizwi laYo, Wonke amabandla;
Si bon’ izimangaliso, Nhlangothini zonke,
Njalo ku yamangalisa, OkweNkosi konke!

[V3]
Ngi babaza zon’ imbali, Utshani, nenkungu;
Ku yafakaza ngoMenzi, Noba ku thule du!
NgaYe ku yaphila naphi, Ku yondliwa kona.
Si ngabalekela ngaphi?, Nalapho u khona!

85. Ngi Babaz’ Amandl’ eNkosi!

Link copied to clipboard successfully!