Back to UKrestu Esihlabelelweni List UKrestu Esihlabelelweni #145

Hymn 145 Ungazenz’ Izaba

[V1]
Ungazenz’ izaba, ku khon’ umsebenzi, Lungela ukwenza iNkos’ ekushoyo;
Ukunxusa kwaYo, ku qondiswe kuwe, Yamkel’ uze wenze umsebenzi waYo.

[C]
Wozake (namhla) uz’ u ngalanduli, Wozake (namhla) lungel’ umsebenzi;
Uz’ u ngalanduli, Khothiw’ ezulwini: "Wal’ intando Yami; Waliw’ ezulwini!"

[V2]
Ungazenz’ izaba, namhla u yabizwa; Kade u ngavumi, pangis’ u lalele;
Ku vuthw’ amasimu, akukho muvumi, Ma u thobe wena, wenzele iNkosi.

[C]
Wozake (namhla) uz’ u ngalanduli, Wozake (namhla) lungel’ umsebenzi;
Uz’ u ngalanduli, Khothiw’ ezulwini: "Wal’ intando Yami; Waliw’ ezulwini!"

[V3]
Ungazenz’ izaba, balekel’ ingozi, Ncuthando loniwe, lu muka phakade;
Uma u sancengwa, u tshelwa ngezulu, UJes’ esancenga: "Woz’ u thethelelwe!"

[C]
Wozake (namhla) uz’ u ngalanduli, Wozake (namhla) lungel’ umsebenzi;
Uz’ u ngalanduli, Khothiw’ ezulwini: "Wal’ intando Yami; Waliw’ ezulwini!"

145. Ungazenz’ Izaba

Link copied to clipboard successfully!